< תְהִלִּים 47 >
לַמְנַצֵּ֬חַ ׀ לִבְנֵי־קֹ֬רַח מִזְמֽוֹר׃ כָּֽל־הָ֭עַמִּים תִּקְעוּ־כָ֑ף הָרִ֥יעוּ לֵ֝אלֹהִ֗ים בְּק֣וֹל רִנָּֽה׃ | 1 |
Kumqondisi wokuhlabela. ElamaDodana kaKhora. Ihubo. Qakezani izandla zenu, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngomsindo wokuthokoza.
כִּֽי־יְהוָ֣ה עֶלְי֣וֹן נוֹרָ֑א מֶ֥לֶךְ גָּ֝דוֹל עַל־כָּל־הָאָֽרֶץ׃ | 2 |
Wesabeka kangakanani uThixo oPhezukonke, iNkosi enkulu kuwo wonke umhlaba!
יַדְבֵּ֣ר עַמִּ֣ים תַּחְתֵּ֑ינוּ וּ֝לְאֻמִּ֗ים תַּ֣חַת רַגְלֵֽינוּ׃ | 3 |
Wazehlula zonke izizwe zaba ngaphansi kwethu, abantu babangaphansi kwezinyawo zethu.
יִבְחַר־לָ֥נוּ אֶת־נַחֲלָתֵ֑נוּ אֶ֥ת גְּא֨וֹן יַעֲקֹ֖ב אֲשֶׁר־אָהֵ֣ב סֶֽלָה׃ | 4 |
Wasikhethela ilifa lethu, igugu likaJakhobe amthandayo.
עָלָ֣ה אֱ֭לֹהִים בִּתְרוּעָ֑ה יְ֝הֹוָ֗ה בְּק֣וֹל שׁוֹפָֽר׃ | 5 |
UNkulunkulu usekhuphukile phakathi komsindo wentokozo, uThixo uphakathi kokukhala kwamacilongo.
זַמְּר֣וּ אֱלֹהִ֣ים זַמֵּ֑רוּ זַמְּר֖וּ לְמַלְכֵּ֣נוּ זַמֵּֽרוּ׃ | 6 |
Hlabelelani indumiso kuNkulunkulu, hlabelelani indumiso; hlabelelani indumiso eNkosini yethu, hlabelelani indumiso.
כִּ֤י מֶ֖לֶךְ כָּל־הָאָ֥רֶץ אֱלֹהִ֗ים זַמְּר֥וּ מַשְׂכִּֽיל׃ | 7 |
Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yomhlaba wonke; hlabelelani kuye ihubo lokudumisa.
מָלַ֣ךְ אֱ֭לֹהִים עַל־גּוֹיִ֑ם אֱ֝לֹהִ֗ים יָשַׁ֤ב ׀ עַל־כִּסֵּ֬א קָדְשֽׁוֹ׃ | 8 |
UNkulunkulu uyazibusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
נְדִ֘יבֵ֤י עַמִּ֨ים ׀ נֶאֱסָ֗פוּ עַם֮ אֱלֹהֵ֪י אַבְרָ֫הָ֥ם כִּ֣י לֵֽ֭אלֹהִים מָֽגִנֵּי־אֶ֗רֶץ מְאֹ֣ד נַעֲלָֽה׃ | 9 |
Izikhulu zezizwe ziyaqoqana njengabantu bakaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngoba amakhosi omhlaba angakaNkulunkulu; uphakeme kakhulukazi.